Ngabe Ses'hlulekile

Ukub’ iNkosi, uMoy’ oyingcwele wayengemanga ngakithi (Ngabe sesihlulekile Nkosi yami)
Ukub’ iqhawe lethu lalingenathi kukho konke (Ngabe sesihlulekile Nkosi yami)
Ukub’ uJesu Kristu akasinqobelang’ izitha zethu (Ngabe sesihlulekile Nkosi yami)
Ukub’ iqhawe lethu lalingenathi ngaleya mini (Ngabe sesihlulekile Nkosi yami)

UJesu ngimbonile ehamba nam’ indlela yonke
Hay’bo akavumanga ukub’ unyawo lwami lushelele
Wangibamba ngesandla wanginqobela zonk’ izitha zami
Hay’bo ngiyamangala, ingakho ngith’ ukub’ uJesu wayengemanga ngakimi

[Chorus]
Wasinqobela, wasikhulula
(Usibona nje sinyathela ngesizotha)
Halala siyabonga

Wasinqobela, wasikhulula
(Asiw’ amandla ethu)
Halala siyabonga

Wasinqobela, wasikhulula
(Akekh’ onjengawe, uwena wedwa)
Halala siyabonga