Kuligugu kimina njalo
Ukwaz’ ukuthi nginomhlobo
Ongek’ angishiy’ um’ izinsuku zinzima
Ohlal’ ekhona uma ngimdinga ngempela
[Refrain]
Umhlobo onguJesu (x2)
Jesu ungumhlobo wangempela
Lapho abantu bengijikela
Izivunguvungu zizinthlangothi zonke
Lapho izitha zibhodla okwengenyama
Ziqond’ ukungigwinya
Uthembisile Jesu
Uyohlal’ unami njalo nje
[Refrain]
Uphi umhlobo onjengaye?
Akajiki uhlal’ ekhona
Uthembekile unothando lwaphakade
Thando lwakhe lujulile lubanzi
Uthembisile Jesu
Uyohlal’ unami njalo nje
[Refrain]
Uyohlal’ unami njalo nje